UKUSWELA AMANZI EMANDENI SEKUWUMLANDO.
Mhla zingu 19 November 2024, uMeya woMkhandlu wesiFunda iLembe uKhansela Thobani Shandu kanye nesigungu sakhe bahambela eMacambini eMulti-purpose Centre kuWadi 9 waseMandeni ukuyohlaba isoyi lomsebenzi wamanzi ezohlomulisa imizi elinganiselwe kumakhulu amane (400) ngokuxhunyelwa ompompi emagcekeni.
Lomhlangano wawuhlanganisa nohlelo lweNtuthuko eDidiyelwe (IDP)kanyaka mali ka 2024/2025 kamasipala iLembe kanye noMkhandlu waseMandeni ngokuholwa wuMeya, Khansela Thabani Mdlalose kanye namaKhansela omkhandlu.
Kwabanye ababehambele lomhlangano, iNkosi yeSizwe saseMacambini ihambisana noMkhandlu wayo, wosonkontileka bendawo kanye nezinkumbi zabantu abasuka emawadini amahlanu.
Lomsebenzi wamanzi ohlatshelwe isoyi nguMeya, Khansela Thobani Shandu uzodla izigidi ezingaphezulu kuka R47 million. Kulendeleke ukuthi kufakelwe umphakathi amanzi kuma wadi amabili okuwu wadi 3 kanye no 9 okwamanje, ngokuhamba kwesikhathi kuzogcina kuthola kanye nowadi 6,7 kanye no 8.
Lo msebenzi kulendeleke ukuthi uthathe unyaka ngoba uzoqala ngoba kuwu November 2024 uphele ngo nyaka ozayo November 2025. Lomsebenzi kuzofakwa ipayipi elikhulu bese kufakelwa abantu amanzi emzini yabo. Lephrojekthi kulindeleke ukuthi yakhe amathuba lomsebenzi kubahlali, iphinde ihlomulise nosomabhizinisi abancane bendawo.
Ethula inkulumo, uMeya uShandu ukhumbuze amakhansela ukuthi akhe uhlu lwaleyomizi ezithola ingabaliwe kulabo abahlomulayo ngamanzi kanye nangezindlu zangasese.
UShandu uvale ngokuthi “Njengengxenye yalomshikashika sibhizi sifaka ama-boreholes kumaWadi lapho kushoda khona amanzi; okunye esesikwenzile wukuthenga amaloli athwala amanzi angamashumi amathathu (30), nokuchaza ukuthi iwadi newadi yalapha eMandeni ineloli lamananzi,” kuphetha uShandu.