

ILEMBE UMASIPALA WESIFUNDA
Umasipala wesiFunda iLembe ubambisene nomasipala waseMandeni basezinkundleni zemidlalo eMsunduzi Sports field, eWard 18 namuhla nalapho kulethwe khona izinsiza zikahulumeni kubantu ngaphansi kohlelo Operation Sukuma Sakhe Mbo.
Izinhlaka zikahulumeni ezikhona namuhla kubalwa; umnyango wezasekhaya, umnyango wezempilo nolethe umtholampilo ongu mahambanendlwane kubantu, umnyango wezolimo, umnyango wezenhlalakahle, SASSA kanye nezinkampani ezizimele ezihlinzeka umphakathi ngezidingo.
Usodolobha womkhandlu weLembe uKhansela Thobani Shandu kanye noSodolobha womkhandlu waseMandeni uKhansela Thabani Mdlalose bebematasa behlola ukusebenza nokusizwa kwamalunga omphakathi abephume ngibuningi bawo.
Amakhansela alemikhandlu emibili eholwa oSomlomo uKhansela Dolly Shandu kwiLembe noKhansela Phindile Sishi eMandeni abekhona enza izincwadi zokufakazela ikheli ukuze abantu basizakale ngokushesha.