ILembe Liya Ebantwini
Seloku buqhubeke njalo ubuholi boMkhandlu weLembe nemizamo yokuqinisa amaxhama okuxhumana nemiphakathi kusona sonke lesifunda.
Kuloku uMeya uKhansela Thobani Shandu uhole ithimba lakhe ukuyohlola inqubekelaphambili yeNgcebo Water Works Plant emhlanganweni wohlelo lwentuthuko edidiyelwe ngokusebenzisana noMasipala waKwaMaphumulo.
Lomhlangano, obubanjelwe ebaleni eliseduze nesikole iHlangabeza ekhona kwaWadi 2 ubuhlanganise amaWadi amathathu, okungowadi 1, 2 no-3.
“Ngenyanga edlule bengilapha ukuzokhuza umhlola wokuzixhumela kwabantu kwingqalasizinda nokwenza ukuthi umthamu wamanzi ungafinyeleli kuzozonke izikhamizi,” kusho uMeya uShandu.
Umkhandlu wesiFunda iLembe usebenzise imali engango-R8 million ukunyusa umthamo weNgcebo Water Walks kusukela ku -1,6 megaliters kuya ku-4 megaliters, nokufaka ukulungiswa kweziphehlamanzi ezindala nokufakwa kwezimbili ezintsha kanye nokunye. Kuyimanje loMasipala weSufunda umatasa ukhipha lawomapayipi ayexhunywe ngokungekho emthethweni uphinde futhi ulungise namapayipi awo umkhandlu asemadala ukuze wonke umuntu owakhele lamawadi amathathu kube ukuthi uyawathola amanzi ngendlela efanelekile.
Kulomhlangano obekuphume kuwo nesinedolo nokubalwa neNkosi uCele yesizwe saKwaCele eMphise nayo ephinde yahamba ngohologo yakhuza izenzo zabazibhobozela bona ipayipi ngobubi abakwenzayo nokubuyisela uhlelo iNgcebo emuva.