
“ASASIKUTHEMBISE EMIHLANGANWENI YAMA IDP SIYAKWENZA MANJE” SHANDU
Mhlazi 10 August 2025 eMandeni, enkundleni yezemidlalo yase Windowfield, Umasipala wesiFunda iLembe uholwa uMeya, Khansela Thobani Shandu kanye namakhansela omkhandlu wesiFunda iLembe, baphelezelwe amakhansela omkhandlu waseMandeni okuzokwethula iprojekthi yakwakhiwa izindlu zangasese ezibalelwa emakhulwini angama 950 emawadini ayisithupha okubalwa kuwo wadi 2, 8, 11, 16, 17 no-18) aseMandeni.
Umphakathi wawuphakamise ukwakhelwa izindlu zangasese kumhlangano weNtuthuko eDidiyelwe (Integrated Development Plan) owawubanjelwe eMsunduzi Sports Field kuMbasa wezi-2025. Ethula inkulumo yakhe uMeya, Thobani Shandu ugxile kakhulu enkulumeni egqugquzela umphakathi ukuba uyihambele imhlangano yeNtuthuko eDidiyelwe. âKuhlelelwe u-R8,5 million ukuze kuhlomule imindeni enguphezulu kwamakhulu amane engaphansi kwezigceme zakwaSthebe, kanti enye ingxenye yezindlu zangasese izokwakhelwa imizi eku-ward 2 naku-ward 8 eMandeni kanti lo msebenzi unesabelo sawo sika-R10 Million.â IMeya uThobani ShanduÂ
Le phrojekthi ihlelelwe ukuhlomulisa amabhizinisi endawo kanye namathuba omsebenzi kubahlali bendawo futhi kugcizelelwe kakhulu ukuqashwa kwabesifazane. âSinguhulumeni okhathalelayo futhi osabela ngokushesha ezidingweni zokulethwa kwezidingo zomphakathi futhi ukwethulwa kwalolu hlelo namuhla kuyinkomba yalokho.â – IMeya yesifunda iLembe uThobani Shandu.