
UKUSWELA AMANZI ENDWEDWE KWASONKOMBO, EMATHOLAMNYAMA SEKUWUMLANDO.
                                                                                                                                                                                                                                                                                                                     Â
Emzamweni wokuthuthukisa ukufinyelelekisa kokuphakelwa kwamanzi okuphephile, okuthembekile nokusimeme emiphakathini yasemakhaya, ukukhuthaza ukuqwashisa ngempilo nokuhlanzeka kanye nokuthuthukisa izimpilo zabantu bakumasipala wesiFunda iLembe, uSodolobha uKhansela T.P Shandu unikezele emphakathini waseSonkombo nase Matholamnyama, eNdwedwe uhlelo lwamanzi namuhla, ngoLwesihlanu 5 Septhemba enkundleni yezemidlalo eMatholamnyama.
“Umphakathi ozozuza kuloluhlelo ulinganiselwe kubantu abangu-19 064 kwimizi engu-2 383 eSonkombo kanye nabanye abantu abangaba ngu-2 626 kwimizi engu-367 e-Matholamnyama ngaphansi kwamawadi amathathu eNdwedwe nokungo wadi-10, 11 no-12,” kusho uShandu.
Izindleko eziphelele zesigaba sohlelo lwase-Sonkombo zingama-R41 276 560 kanti izindleko eziphelele zesigaba sohlelo lwase-Matholamnyama zingama-R26 875 520.
Umsebenzi wonke waloluhlelo ubuhlanganisa ukwakhiwa kwamapayipi wokuhambisa amanzi kwizigcinimanzi ezintsha; Gumbi, Ndondolo, Ntuli naseMatholamnyama nokuyimanje ziyasebenza ukuhambisa amanzi emiphakathini yaseSonkombo naseMatholamnyama.
“Amathuba omsebenzi kanye nokuthuthukiswa kwamakhono amalungu omphakathi wendawo kubalulekile kuMasipala wesiFundaiLembe ngakho-ke ngesikhathi kuqedwa loluhlelo lwokuvuselela amanzi eSonkombo, abantu bendawo abangu-52 baqashwa kwathi eMatholamnyama kwaqashwa abantu bendawo abangu-71, kusho uSodolobha.
Nakuba zombili lezi zinhlelo zike zanezingqinamba, uShandu uphethe ngokuthi usonkontileka usefinyelele esigabeni sokuphothula umsebenzi futhi nomphakathi usuvele uyazuza kulezi ngalezinhlelo ezithuthukisiwe.
“Ngaphezu kwalokho yonke imizi engama-367 eMatholamnyama izokwazi ukuthola amanzi ngokuxhuma egcekeni. ESonkombo umphakathi waseNdondolo uzothola amanzi ngemuva kwesikhathi eside ngaphandle kokunikezwa kwamanzi ngendlela ngenxa yaloluhlelo,” kuphetha uSodolobha.