
ISAZISO ESIBUYEKEZIWE NGOKUPHAZAMISEKA KOKUPHAKELWA KWAMANZI EMANDENI NAMAPHETHELO

UMasipala weSifunda iLembe ufisa ukwaziswa umphakathi wase Mandeni Local Municipality ukuthi ukuphazamiseka kokuphakelwa kwamanzi kusaqhubeka kulendawo emuva kokulimala kwama phampu amabili kwiSihlanzimanzi iSundumbili Water Works, eMatsheketsheni.
Ithimba ebelijutshelwe ukulungisa lesimo liqinisekise izolo ukuthi lawama phampu ebekade eyohlolwa kutholakale ukuthi awasakandeki futhi nezingxenye zawo azisatholakali emakethe ngoba loluhlobo lwama phampu selavalwa ukukhiqizwa kwanohlobo olusha.
ISifunda siyaqinisekisa izinhlelo zokuthenga lawa phampu ziphothuliwe futhi kulindele afike ngoMsombuluko kwiSihlanzimanzi iSundumbili Water Works, eMatsheketsheni, ebese amathimba ethu ewaxhuma ngendlela.
Amawadi athintekayo ngalesimo: 2, 3, 4, 5, 6, 7, 9, 10, 11, 12, 13, 14, 15, 16, 17 no 18.
Siyacela ukubekezela no bambisana nomphakathi ngalesikhathi siqhubeka nokusebenza kanzima ukubuyiselwe ukuphakelwa kwamanzi esimeni. Sicela abahlali basebenzisa amanzi ngokuqikelela.
Siyabonga.
———————————————
UPDATED NOTICE: UNPLANNED WATER SUPPLY INTERRUPTION IN MANDENI AND SURROUNDING AREAS
Mandeni residents are advised that the water supply interruption is still ongoing due to damaged pumps at the Sundumbili Water Treatment Works.
The technicians carrying out works confirmed in the evening, yesterday, that the two pumps that were sent for assessment were diagnosed as uneconomical to repair, and spare parts are no longer available as the models have been discontinued.
New replacement parts have been procured and are expected to arrive on Monday.
Affected wards: 2, 3, 4, 5, 6, 7, 9, 10, 11, 12, 13, 14, 15, 16, 17 and 18.
We sincerely apologise for the inconvenience and appreciate your patience while we continue to work hard to restore water supply to its normal state. We appeal to communities to use water sparingly.



