IPHUMELELE imihlangano yokulalelwa komphakathi ngokoMbiko wonyaka kowezi-2023/2024 eNdwedwe kanye nakwaMaphumulo.
Lemihlangano yombiko wokusebenza kukaMasipala weSifunda iLembe wenziwa ngokulandela umthetho olawula omasipala – gokweSigaba 126 (1) se-Municipal Finance Management Act No 56 of 2003 (MFMA).
Evula umhlangano uMeya waseNdwedwe uKhansela Sam Mfeka kumhlangano owawubanjelwe eNdwedwe, Johnny Makhathini Hall “Sibonga umsebenzi omuhle womkhandlu. Sincoma nentuthuko esiyibona eNdwedwe ngokulethwa kwamanzi nokuthuthwa kwendle. Izolo bekungomunye umhlangano obumayelana nohlelo lwamanzi olulinganiselwa ku R62 million. Umsebenzi muhle futhi uyabonakala,” kusho uMfeka.
Usihlalo womhlangano nongusihlalo wekomidi elibhekele -Municipal Public Account Committee (MPAC), Khansela Jennifer Vallen uchaze ngezigaba losomqulu odlule kuzo kuze ukuthi uyethulwa emphakathini.
“NgokoMthetho Wezinhlelo Zomasipala umbiko wonyaka wathulwa iMeya wavunyelwa umkhandlu wabe usuyakhangiswa ngokushesha ukuze umphakathi uphawule ngawo. Emuva kokuthi umphakathi ubambe elawo iqhaza amaphuzo omphakathi ayothathwa i-MPAC lapho asetshenziswe uma sekuphothulwa umbiko wokwengamela,” kuchaza uVallen.
Ethula Umbiko Wonyaka, uSodolobha wesiFunda Umasipala iLembe uThobani Shandu uchaze kabanzi ngokuthungethwe kulomsoqulu.
“Ngokuhambisana nomthetho wokuphathwa kwezimali zomasipala (i-MFMA) umbiko wethu wonyaka uhlanganisa izitatimende zezimali zonyaka zikamasipala kanye nezitatimende zezimali zonyaka ezihlanganisiwe, ezathunyelwa kumcwaningimabhuku-jikelele ukuze zihlolwe ngokweSigaba 126 (1) se-MFMA,” kusho uShandu.
Okunye okutholakalayo ilokhu okulandelayo;
 1.  Umbiko wokucwaninga woMcwaningimabhuku Jikelele ngokweSigaba 126 (3) se-MFMA neSigaba 45 (b) se-MSA, ngezitatimende zezimali ezishiwo ngenhla.
 2.  Umbiko Wokusebenza Wonyaka kaMasipala njengoba ulungiselelwe nguMasipala wesiFunda iLembe ngokweSigaba 45(b) soMthetho woHulumeni basekhaya: Izinhlelo zikaMasipala 32 ka-2000 (MSA).
 3.  Ukuhlolwa kwemali ekhokhwayo yentela kamasipala kanye nezinhlawulo zezinsizakalo.
 4.  Ukuhlolwa Kokusebenza kokusebenza kukaMasipala ngokumelene nezinhloso zokusebenza ezilinganisekayo okukhulunywa ngazo eSigabeni 17 (3)(b) se-MFMA ukuze kuqoqwe imali evela kumthombo ngamunye wemali engenayo kanye nevoti ngalinye kwisabelomali esivunyiwe sikamasipala sonyaka wezimali.
 5.  Izincomo zekomidi lokucwaninga ezivela kwikomidi lokucwaninga likamasipala.
Esevala uSodolobha uShandu ukhulume ngezinhlelo zamanzi nokubalwa isigaba sesine sohlelo Umshwathi phecelezi Phase 4C.
“Muva nje siwumkhandlu sithenge izimoto zamanzi ezingama-30 njengoba manje onke ama-ward eNdwedwe, Maphumulo naseMandeni anemoto. Siphinde sandisa isibalo sabasebenzi sashintsha nokungena kwabo njengoba manje besebenza nsukuzonke kunokungena izikhangu,” enaba.