
UMCIMBI WOKUNGENISWA KWENKOSI YASEMACAMBINI ESIBAYENI.
26 MFUMFU 2025
UMeya wesiFunda iLembe uKhansela Thobani Shandu kanye noSomlomo weLembe uKhansela Dolly Shandu , nama khansela kaMasipala waseMandeni eholwa UMeya uKhansela Thabani Mdlalose bebehambele umcimbi wokungeniswa kweNkosi yesizwe saseMacambini iNkosi Mthokozisi Mathaba .
Ukhansela Thabani Shandu, ubongele isizwe saseMacambini ngalengqophamlando yomcimbi, wanxusa namaKhosi ahlukene abethamele lomcimbi ukuthi aqhubeke nokubambisana nohulumeni ukuphucula izimpilo zabantu. ” Siyabonga Mcambi ukuthi usiko lesintu seluze lwagcineka, siyathemba amaxhama ukuxhumana kanye nokusebenzela isizwe kuzoqhubeka ngokubambisana nomasipala abakhele indawo engaphansi kweNkosi. Umkhandlu weLembe uzimisele ukubambisana nawowonke amakhosi angaphansi kwesiFunda” kusho uShandu.
“Sinokusebenzisana okuhle nawowonke amakhosi angaphansi kwesifunda iLembe, ubukhona kwethu lapha kuwubufakazi bokuthi amaxhama okubambisana aqinile, sizoqhubeka nokubambisana namakhosi Kanye nokuphuthumisa intuthuko ikakhulukazi ezindaweni ezisemakhaya”



